YEBO BAYIGUQULILE
Bayiguqulile inhliziyo yakho ngami,
basho izinto ezikwenza ube namahloni ngami,
wathatha wabeka,kwasho kwenzeka isinqumo
sokungikhipha enhlizweni yakho.
Bayiguqulile inhliziyo yakho ngami,
waqumba, wqalekisa, wase uyangikhipha
enhliz'weni yakho.YEBO kuningi bakushilo
ngami, wabona konke kuyiqiniso gami.
Bayiguqulile inhliziyo yokho ngami,
bangibhixile ngamabala, banginyinda ngobende
inyama ngingayidlanga,wabhema wakholwa yikho
abakusho kuwe ngami.
Bayiguqulile inhliziyo yakho ngami,
YEBO ngivuma wonke amabala
abangibeke wona, ngiyakhothama ngithi
bekunganjani uma ngingafika noma ingephupho
kuwe, ngilihlanze igama lami enhliz'weni yakho.
YEBO ngiyavuma I DO, njengomshadikazi ezithoba
enza isinqumo, phambi kukamfundisi. YEBO ngiyavuma
ukuyithatha inhliziyo yakho ibe eyami, size sihlukaniswe
ukufa. bayiguqulile nhliziyo yakho ngami.
Bayiguqulile nhliziyo yakho ngami,
ekujuleni kwehliziyo yami, bengifisa ukukhipha
unyembezi noma elilodwa.
kodwa UNYEMBEZI lwami lufana nelenkosazane.
ngamafuphi " NGIYINKOSAZANE YOLWANDLE",
unyembezi lwami alukhishwa ubuhlungu benhliziyo
kepha lukhishwa INJABULO.
Fakaza MKHULU kwelamathongo,
Fakaza ekujuleni ko LWANDLE.
YEBO BAYIGUQULILE INHLIZIYO YAKHO NGAMI.
Author
Thembisa Pearl Madlala __SA